News Avenue
Business / Ezamabhizinisi

UPHETHE NGEGIYA ELIPHEZULU UMBUKISO WOSOMABHIZINISI EMLAZA

UPHETHE NGEGIYA ELIPHEZULU UMBUKISO WOSOMABHIZINISI EMLAZA
LINDOKUHLE NGCOBO 

Uphele ngemiphumela emihle umbukiso wosomabhizinisi wezeziFunda waseNingizimu, i-South Regional Durban Business Fair 2026, obubanjelwe KwaMnyandu Shopping Centre, eMlaza. Leli thuba lezinsuku ezintathu, elisungulwe uMkhandlu waseThekwini, liphethe izolo ngeSonto.

Lo mbukiso udonse amabhizinisi ahlukahlukene angu-150 akhombise ngemikhiqizo nezinsizakalo zawo, kwathi abantu abangaphezulu kwabangu-8 000 baphume ngobuningi babo bezoxhasa lezi zizila zendawo phakathi nezinsuku ezintathu.
Phakathi kwemisebenzi ebingasishiyile isikhala, kukhona amaciko ezinto zokuzicwala angu-86 aphothule isifundo sezinsuku ezintathu se-Make Up and Beauty Masterclass. Lawo maciko athole izitifiketi kanye nezinsiza zokuqala umsebenzi (starter kits) ukuze bafake amakhono abo emisebenzini.

Umbukiso ugoqwe ngomklomelo we-Best Stand Awards, lapho abaphumelele bathole imiklomelo elandelayo:
• Indawo yokuqala: ithathwe Incasa, ithole imali engu-R50 000 yoxhaso lokuthuthukiswa kwamabhizinisi (Enterprise Development Support).
• Indawo yesibili: ithathwe Indalo enhle, ikhale yemuka nemali engu-R30 000.
• Indawo yesithathu: ithathwe Ichopho, ithole umklomelo ka-R20 000.

Bonke abanqobile baphinde bathola ubulungu benhlangano ye-Durban Chamber of Commerce and Industry, itende lamahhala emhlanganyelweni olandelayo we-Durban Business Fair, isikhwama semiklomelo yakwa-iKhokha, kanye nephakethe lokukhangisa amabhizinisi abo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Business / Ezamabhizinisi