KUBOSHWE OSOMABHIZINISI BOKUFIKA ABANGU-28 ETHEKWINI
LINDOKUHLE NGCOBO
BAKHALELWE ngamasongo kasigonyela osomabhizinisi bokufika kuleli abangu-28 namuhla eThekwini. Laba baboshelwe ukungabi nawo amaphepha asemthethweni okuhlala kuleli, ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wokuhlolwa kwamabhizinisi ukuze kuqinisekiswe ukuthi asebenza ngokusemthethweni.
"Bangu-29 osomabhizinisi abathathwe ngamaphoyisa, ukuze kuyohlolwa izincwadi zabo zokuhlala kuleli. Kutholakala ukuthi abangu-28 abanawo amaphepha okuba eNingizimu Afrika, babe sebeboshwa ngokwephula umthetho," kusho isitatimende samaPhoyisa.
Kuvela ukuthi uMasipala uzoqhubeka nomkhankaso wokuhlola amabhizinisi.