News Avenue
Business / Ezamabhizinisi

KUGCWELE USEBE LOLWANDLE KOWE-DURBAN BUSINESS FAIR

KUGCWELE USEBE LOLWANDLE KOWE-DURBAN BUSINESS FAIR
SIZWE BLOSE 

Abantu baphume ngobuningi babo ukuzozibonela imibukiso yamabhizinisi. Lombukiso wamabhizinisi ubanjelwe KwaMnyandu eduze kwenxanxathela yezitolo. 

Kulonyaka abahleli balo mcimbi bagubha iminyaka engu 28 wasungulwa lombukiso obizwa ngeBusiness Fair. 

Esinye sezikhulu eziphezulu kuMasipala weTheku uMnuz Welcome Maduna uthe, abantu bakhombisa elikhulu isasasa ngalombukiso. "La eMlazi KwaMnyandu siqale izolo abantu bakhombisa okukhulu ukuwuthakasela. Bafike izolo baqala bavakashela abakhangisi bamabhizinisi, abanye bengagcini ukuwavakashela kodwa bebethenga. 

Esikwenzile njengomasipala ukuthi sibalethele izinkampani ezifana noSars ngoba kusithinta kakhulu ukuthi osomabhizinisi bethu bahambisane nemigomo elawula ezamabhizini," kubeka uMaduna.

Uthe lombukiso oqale ngoLwesihlanu uzophela kusasa ngeSonto, nalapho okuzokhishwa khona imikomelo. Uveze ukuthi bazokomelisa nalabo abazobe benama stands amahle ukwedlula amanye.

Izindawo esezike zasingatha lombukiso, kungabalwa iBridge City KwaMashu, KwaMnyandu eMlazi, Exhibition Centre edolobheni iTheku nasePinetown nakwezinye.

Uphethe ngokugqugquzela abantu ukuthi bawuhambele lombukiso ngoba kuningi abazokuthola. #DBF28
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Business / Ezamabhizinisi