SEKUTHOLAKALE ESINYE ISIDUMBU ETHEKWINI LINDOKUHLE NGCOBO KUYAQHUBEKA ukutshontshwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda kaMasipala weTheku. Lokhu kulandela ukutholakala kwesinye isidumbu somuntu eduze kwendawo yamapayipi amanzi emgwaqeni uSouth Coast eClairwood, eningizimu yeTheku namuhla. Lokhu kwenzeka nje, kusandukutholakala izidumbu zabantu ababili abalimele esiteshini sikagesi eSiphingo. Esigamekweni sanamuhla kuvela ukuthi umufi ubezama ukuntshontsha amakhebuli kagesi eduze kwale ndawo okuqhubeka kuyo umsebenzi wokulungiswa kwamapayipi amanzi. Kusolakala ukuthi ngesikhathi umufi ezama ukuthinta amakhebuli kagesi, ulinyazwe ugesi washona. Lesi sigameko siholele ekutheni kuphazamiseke ugesi ezingxenyeni zaseClairwood. Umqondisi woMnyango wezamandla eThekwini uMnuz Philani Shange udalule ukuthi seluqalile uphenyo mayelana nalesi sigameko. "Kuyakhathaza ukunyuka kwesibalo sabantu abashona ngalezi sigameko. Lesi senzo asifaki nje kuphela engcupheni impilo yomuntu osuke eganga kodwa siyingozi nasezimpilo zabantu basemphakathini," kuchaza uShange. Ephetha unxuse umphakathi ukuba udlalele kude nengqalasizinda kagesi. Wathi umphakathi kumele ubike uma kukhona abahlasela ingqalasizinda kaMasipala.