KUVALWE IZITOLO EZINE EMLAZA NGOKWEPHULA IMITHETHO YAMABHIZINISI



LINDOKUHLE NGCOBO

Kuvalwe izitolo ezine namhlanje eMlaza ngenxa yokungayilandeli imithetho elawula ukusebenza kwamabhizinisi. Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso i-Operation Good Hope.

Kulo mkhankaso kuphinde kwaboshwa abantu abane bokufika kuleli, okutholakale ukuthi abanawo amaphepha abavumela ukuba lapha eNingizimu Afrika.
Lo mkhankaso oholwa uMnyango wakwa Supply Side and Area Based Operations, kulindeleke ukuba uphothulwe kusasa.