UNGQONGQOSHE UVEZE UKUTHI ABANGAHLUKUNYEZWA ABAVELA KWAMANYE AMAZWE


UNGQONGQOSHE woMnyango wokuThuthukisa amabhizinisi amancane kuzwelonke, uNksz Stella Ndabeni ugcizelele ukubaluleka kokuhlanganisa amabhizinisi amancane, emnothweni oyinhloko, egqugquzela ukubambisana nokusebenzisana.

UNdabeni uveze lokhu namuhla ngesikhathi evula ngokusemthethweni iDurban Business Fair, eDurban Exhibition Centre, eThekwini. 

Ekhuluma, unxuse osomabhizinisi baseNingizimu Afrika, ukuthi bayeke ukucwasa osomabhizinisi abavela kwamanye amazwe.

"Umthethosisekelo wezwe (eNingizimu Afrika) esigabeni 22, uqinisekisa ukuthi umuntu unelungelo  lokukhetha umsebenzi noma ibhizinisi  ngokukhuluka. Lokhu kuhambisana nemithetho yokubhalisa," kubeka uNdabeni.

UNgqongqoshe ukhulume kanjena nje, uhulumeni ufuna ukulawula ukuthi amabhizinisi asetshenziswa kanjani emalokishini, ukuze kuzuze abantu bakuleli kodwa engavumeli ukucwasana.