UMAYOGHURT AKANEME NGENKULUMO KA ZANEFA
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uZanefa ebe nengxoxo noKing Zoso, lapho encome khona umculi kaMaskandi okhubazekile ngobufishane, uSnqamu Sodidla waseHluhluwe, ngokuthi unekhono akumele adatshukelwa. Nokho, inkulumo kaZanefa idonse amanzi ngomsele lapho ethe kuyabheda ukuzwela umculi ngenxa yesimo sokukhubazeka.
"Abantu abakhubazekile abafuna ukudatshukelwa, abaye kohola isibonelelo sikahulumeni bayeke umculo, bafunde ukusekelwa kuphela uma becula into ephilayo," kusho uZanefa.
Yize uZanefa engakhulumanga ngqo ngegama likaMayoghurt, lo mculi (uMayoghurt) usukume waziphendulela, waveza ukuthi la mazwi amhlabe kabuhlungu enhlizweni futhi amshiye nomoya ophukile.
"Izinkulumo zikaBhuti uZanefa zifike zithole indawo enhlizweni bese kuyazwela kakhulu kangangokuthi le ayenze kule ngxoxo, ingenze ngazizwa ngiphelelwa uthando lokuphila kulo mhlaba," kubhala uMayoghurt ekhasini lakhe.
UMayoghurt uqhube wathi lokhu akusilo ihlandla lokuqala uZanefa ekhuluma amazwi afana nalawa ngoba nangonyaka odlule kwenzeke. Uthe uhlale ethola imiyalezo evela kubantu abanokukhubazeka bembonga ngokuthi ubuyisa isithunzi nokuzethemba kwabo endimeni yezokungcebeleka.
Phakathi kokunye, uMayoghurt uveze ukuthi njengamanje umatasa uhlela umcimbi wokuhlanganisa abantu abanokukhubazeka nalabo abaphila kahle ukuze kufundiswe umphakathi ngamakhono abo kodwa izinkulumo zikaZanefa zibukela phansi le mizamo.
Ephetha, uMayoghurt ubonge abantu abafana noPhumelela Dlamini ngokuhlala beqhakambisa ukuthula.