News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

ATHENGWA UBUTHAPHUTHAPHU OWAMAHLAYA KA FLYMOTION NO CELESTE NTULI

ATHENGWA UBUTHAPHUTHAPHU OWAMAHLAYA KA FLYMOTION NO CELESTE NTULI
SIZWE BLOSE 

Athengisa ubuthaphuthaphu amathikithin omcimbi wamahlaya ozokuba seMpangeni, eMfolozi Casino, ngo 07.30.

Lomcimbi uhlelwa usomahlaya osemkantshubovu endimeni yezikaqeda isizungu, uSandile Makhanya odume kakhulu ngelika Mpukane kumbe Flymotion.

Abaningi bazomkhumbula esasakazi kwiGagasi FM kanti abanye bamazi ngemidlalo yaku thelevishini. Usanda kubonakala emdlalweni okhonjiswa kwi etv, ezaseGagasini.

UFlymotion uthe uzobe engahambi yedwa kodwa uzibe ehamba nomngani wakhe omkhulu kule ndima uCeleste Ntuli naye ongusomahlaya omdala wakhona eMpangeni kodwa osezinze eGoli. 

UFlymotion unxuse abantu ukuthi baphuthume kwaWebtickets noma kwaPick n Pay bazitholele amathikithi, lingu R250 lilodwa.
Bathi walala wasala wavuka wazisola. Bhasobha ungawatholi esephelile.
Kunesisho esithi imbila yaswela umsila ngokuyalezela.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

WOZE EDURBAN

Kunengoma eke yaculwa uProfessor noTzozo ethi, uma ufuna ubumnandi woze eDurban, cha babeqinisile kumnandi eDurban. Ngeledlule ngithole isimemo sisuka kwaDurban Tourism, ngathi uma ngisibuka ngabona ukuthi angikwazi ukulahlekelwa yile ng...

Sizwe Blose Sizwe Blose

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose