IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO
SIZWE BLOSE
Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember.
I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathikithi ayo eTicket Pro, kanti lomsakazo uqalile futhi ukudedela uhlu lwamaciko azokube enandisa kulendumezulu yomcimbi.
Esinye sezikhulu zomsakazo, uPinky Myeni sithe, bona njengomsakazo basithokozela kakhulu lesi sikhathi kanjalo nalomcimbi.
"Into eba mnandi kakhulu ngeBeach Fest ukuthi sithola isikhathi sokuhlangana nabalaleli bethu, kusho uPinky.
Ungqungquzela abantu ukuthi baphuthume bathenge amathikithi ukuze bazibonele izintandokazi zabo ezingabasakazi kanjalo namaciko azokube enandisa.
Lomcimbi uzokuba ngomhlaka 5 December kuwuMgqibelo