IDONSA KANZIMA IMISAKAZO ENGAYENZI IMICIMBI
Kubalulekile ukuthi umsakazo ugcinwe usematheni kubantu. Eqinisweni akusamele ukuthi ugcine ngokusakaza kuphela. Imicimbi iyalifaka isasasa ekutheni umsakazo unyukelwe yizinombholo.
Khona manje, uma ulalele abantu abaningi uma bekhuluma ngeGagasi FM, indaba enkulu yeBeach Fest ihamba phambili. Kulabo abakhuluma ngalomcimbi akusho ukuthi bayawulalela lomsakazo.
Kodwa izikhangiso zalo msakazo lapho ikhuluma ngeBeach Fest, kwenza unake futhi nawe uthande ukwazi ngawo. Kwesinye isikhathi ugcina ufuna ukuwulalela umsakazo.
Kubalulekile ukuthi imisakazo ibe nayo imicimbi eyihlanganisa nabantu.
UKhozi FM uma kuza izikhathi zobumnandi njengalezi, lalinento ebizwa ngeNyus iVolume. UKhozi FM lwaluhambela izifunda ezahlukahlukene, wonke umuntu ekhuluma ngalo.
UKhozi luke lwacishe lwaqopha umlando ngabalaleli abangu 8 million. Kwakungalona ikhono labasakazi kuphela, kwakulekelela imicimbi efana noNyus iVolume. Njengamanje uma kunguDecember uKhozi FM alusawenzi lomcimbi engicabanga ukuthi wawugcina lomsakazo usematheni.
IMetro FM yona iyakholelwa kakhulu ekwenzeni imicimbi, elekelela kakhulu ekuphusheni ibrand ebizwa ngeMetro FM. Ngikhumbula imicimbi efana noHeatwave, Metro FM Awards neminye. Yenza lomsakazo uhlale usematheni nokulekelela ekutheni umsakazo unyukelwe nayizinombolo.
Sibaningi siyayazi i-East Coast Radio, angibazi kahle abasakazi bayo kodwa ngiyayazi ngemicimbi yayo enjengo House & Garden ngoba abagcini ngokuyimaketha emsakazweni kodwa bayiphusha ezindaweni eziningi.
Angilwi neVuma FM kodwa ngiyakholelwa ekutheni iyalimala kakhulu ngokungabi nemicimbi ehlabahlosile njengeminye imisakazo.
Ngiyazwelana kakhulu nemisakazo yomphakathi. Ngiyazi inkinga enkulu kuyaye kube imali. Okuphinde kwenze sibe muncu kakhulu ngemisakazo yomphakathi, ukuthi abezinkampani ezizimele banakho ukugqoza uma kumele basebenzisane nalemisakazo. Lokhu kuyenza igidagide ndawonye ngenxa yokwentula izimali.