UGQUGQUZELA ABAMNYAMA UKUNGENA EMABHIZINISINI



LINDOKUHLE NGCOBO

UKHUTHAZA abantu abamnyama ukuthi basungule amabhizinisi abo, usomabhizinisi wasePort Shepstone uMnuz Mluleki Mkhungo wenkampani iMzo Stylish Craft, ayivula nomfowabo uMnuz Mzo Mkhungo.

Engxoxweni ekhethekile neNews Avenue uMkhungo udalule ukuthi le nkampani yamakhabethe bayivula ngonyaka ka-2015. 
Lo somabhizinisi uthi ukuvula ibhizinisi kudinga isibindi, ezeseka ngelithi isikhathi esiningi isizwe esimnyama sinokwesaba ukuzisebenza. 

"Sinokuthi kuyenzeka uqale umsebenzi kanti lizokuxaka bese ibhizinisi lakho liyavalwa, ubeyinhlekisa endaweni. Imisebenzi emningi yenziwa yithina bantu abamnyama emafemini. Uma ungaqaphelisisa kahle umlungu okwakhe ukufika akunike okusuke kufuneka ngalolo suku. Uthole ukuthi uzothi namhlanje bengifisa sengathi singenza amabhodi angu-10 bese uhlu luza kuwe wena njengomuntu omnyama," kuchaza uMkhungo. 

"Ngesikhathi sisasebenzela abelungu bekukhona lokhu kokuthi kumele siqale inkampani yethu esizoziphathela yona thina. Sigqugquzela intsha ukuthi kufanele ivuke izithathe, ingawukhethi umsebenzi ngoba ukube sasiwukhethile umsebenzi ngabe asikho lana esikhona," kubeka uMkhungo.