OSOMABHIZINISI BAKHALA NGOKUSHODELWA IMIKHIQIZO



BAKHALA ngokushodelwa imikhiqizo osomabhizinisi abancane emcimbini iThe Next Billionaire Business Expo, obanjelwe endaweni Ugu Sports  & Leisure Centre, ePort Shepstone namuhla.

Kulo mcimbi bekulindeleke osomabhizinisi abangu 50 nokho kube nosomabhizinisi abangu 78 abafike ngenhloso yokufunda kabanzi ngebhizinisi.

Ekhuluma neNews Avenue uNksz Lungile Mbili wenkampani uMlando Creatives ehlela lo mcimbi uthe osomabhizinisi baveze obala izikhalazo zabo. Wathi kumjabulisile ukufika kwohhovisi lezokuthuthukiswa kosomabhinisi bendawo(LED) elivela kuMasipala wesiFunda Ugu.

"Ihhovisi lakwa LED ilona elibhekene kakhulu nosomabhizinisi bendawo. Osomabhizinisi bakhulumile ngezikhalazo zabo ngoba abathengisi abakhulu babanikezile imisebenzi, bakhala ngokushodelwa imikhiqizo. Bakhale ngokuthi abanayo indlela yokufaka izinto ezifuneka isonto nesonto. Siyaxoxisana nabo abakwa LED ukuthi balekelele osomabhizinisi asebethole imisebenzi ukuze bakwazi ukuthola usizo," kusho Nksz Mbili

Omunye wosomabhizinisi abancane uMnuz Msizi wenkampani iBlack Solid ekhiqiza okokugcoba uthi ufunde lukhulu kulo mcimbi. 

"Ukubakhona kwezinhlaka eziningi ezahlukene, kuyakhombisa ukuthi ikhona inhloso yokukhulisa osomabhizinisi abancane," kuchaza uZama.

Kulo mcimbi bekukhona uMnyango wezokuThuthukiswa kwezoMnotho, ukuVakasha nokoNgiwa kweMvelo, uMasipala wesiFunda Ugu, Takealot Group, uMasipala Ray Nkonyeni, Digital Market, Dream Hotel & Resort ne-The Innovation Hub Commercialisation Specialist. 

Lo mcimbi uyaqhubeka njengoba kusasa ngoLwesihlanu kuzoba neThe Next Billionaire Business Awards.