KUKHUZWA UMKHUBA WOKUBOLEKISA NGEZITIFIKETI
KUKHUZWA umkhuba wosomabhizinisi wokubolekisa ngezitifiketi zezinkampani zabo. Lo mkhuba uvezwe obala uMeya waseRay Nkonyeni uKhansela Zodwa Mzindle emcimbini wezindondo zosomabhizinisi abancane, iThe Next Billionaire Business Awards 2025, obuse-Ugu Sports & Leisure Centre izolo.
Ekhuluma kulo mcimbi uMeya Mzindle uthe uzizwile izikhalo zosomabhizinisi abadinga uxhaso ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa kwamabhizinisi endawo(LED).
"Kubalulekile ukuthi ngixwayise osomabhizinisi, ukuthi abayeke ukuboleka abangani babo izitefiketi zezinkampani zabo. Uthole ukuthi umuntu usebenzisa isitifiketi senye inkampani ukufaka isicelo kaMasipala bese umnikazi wenkampani egcine esenenkinga," kubeka uMzindle.
Ephetha ukhuthaze osomabhizinisi ukuthi babeneqiniso uma befake izicelo kuMasipala. Waveza ukuthi sikhona isabelomali sokuxhasa osomabhizinisi.
Lo mcimbi uhlelwe uNksz uLungile Mbili wenkampani uMlando Creatives ngokubambisana noMasipala uRay Nkonyeni kanjalo noMnyango wezokuThuthukiswa kwezoMnotho, ukuVakasha nokoNgiwa kweMvelo KwaZulu-Natal (KZN).
Sebebonke osomabhizinisi abanqobe izindondo kwi-The Next Billionaire Business Awards 2025; uNksz Amanda Mseleku we-Eve's Eatery unqobe indondo ye-Businesswoman of The Year, uMnuz Vusi Sibiya weSibiya Funeral Services unqobe emkhakheni weBusinessman of the yeara, uNksz Nomvelo Cele weMaNdosi Deco X Events ukhale wemuka nomklomelo we-Emerging Business of The Year, emkhakheni iTop Achiever of The Year uhambe noNksz Noluthando Zungu we-Amandlenkosi Farms, kunqobe uNksz Noxolo Shabalala weBhubesikazi Farms emkhakheni we-Agriculture, uNksz Hloniphile Jula weHlonie's Hair and General unqobe kwi-Beautyand Image Consulting, kwi-Industrial Sewing and Production kunqobe uMnuz Nkanyezi Dlamini weSam and Sylvia Harding, kwi-Best Business in Cleaning & Hygiene kunqobe uMnuz Phumlani Ngcobo weLanies Carwash, kwi-Food and Beverage kunqobe uNksz Sbahle Cele we-EmaNgidini Anesintu, kwi-Culinary Arts kunqobe uNksz Sindi Mkhize weSingela Creatives, kwi-Manufacturing and Recycling kuklonyeliswe uMnuz Mongi Nkonyeni, kwi-Best Mobile Café kunqobe uNksz Pearl Shusha weProwBerry Cafe, uNksz Nonhlanhla Dlamini we-Ebukhosini Lifestyle kwi-Tourism and Hospitality, kwi-Best Content Creator kunqobe uMnuz Owen Zitha, uMnuz Ntokozo Biyela we-K.O.R Production kwi-Best Business in Digital Production, uNksz Nomfundo Mhlongo we-033 Sports kwi-Best Business in Sports, kwi-Spa & Therapeutic Services kunqobe uNksz Khethiwe Maleka weKidah De-Beauty Spa, kwi-Cosmetic Manufacture kunqobe uNksz Chesley Khwela weK-Chesley, bese kuba nguMnuz Sifiso Hadebe weMakhululu Protection noMnuz Bablo Mavundla weBablo Funeral Support - abahlonishwe ngezindondo ngaphansi komkhakha we-Acknowledgement Award ngenxa yamagalelo wabo.