ISITOLO SOKUDLA SIVULE IZANDLA EMPHAKATHINI


LINDOKUHLE NGCOBO 

ISITOLO sokudla iMcDonald's South Africa,  sivule izandla emphakathini, kulandela ukuthi namuhla sisingathe abezindaba  ukubatshengisa indlela okusetshenzwa ngayo ngaphakathi, egatsheni elisemgwaqeni uGordon eMorningside, eThekwini.

I-News Avenue ibiyingxenye yalolu hambo ibonile indlela ukudla okwenziwa ngayo kulesi sitolo. Okuyindlela equkethe ezokuphepha, ukukhiqiza ukudla okusezingeni eliphezulu nokubanokudla okusha ngaso sonke isikhathi.

Isikhulu esiphezulu kwezokukhangisa eMcDonald's uDaniel  Padiachy uthi isitolo sabo sivule iminyango ekukhombiseni umphakathi ngokwenzeka ngaphakathi mangabe beqhuba umsebenzi wokudayisa ukudla.

"Siyaziqhenya ngokusebenzisana nabantu baseNingizimu Afrika ukuthaka ukudla esikudayisayo. Sijabule ngoxhaso eseluthola kubalimi bakuleli abasinikeza ukudla okusezingeni eliphezulu nokuphephile. Ngokumema umphakathi ekhishini lethu, asizibophezele nje kuphela ekudayiseni ukudla okusezingeni eliphezulu kodwa senzela ukubonisa umphakathi  isitolo sethu ukuze uqhubeke nokuthembela kuso," esho.