BAKHALA NGOHLELO OLUSHA LOKUKHOKHELEKA OSONKONTILEKA
BAKHALA ngokuzitshwa uMasipala weTheku, oholwa uMeya uKhansela Cyril Xaba, osomabhizinisi abancane abanezinkontileka ngaphansi kwalo Masipala.
Labo somabhazinisi, okukhona kubo abasebenza ngaphansi koMnyango wezaManzi neNhlanzeko namaPaki nekuNgcebeleka, baveze lokhu namuhla esithangamini sabezindaba eThekwini.
Okhulumela osomabhizinisi uMnuz Lwazi Mdladla uthi bathwele kanzima njengoba bengakhokheliwe imali yezinyanga ezingaphezulu kwezine. Eqhuba ukhale ngohlelo olusha lwe ithanethi lokuqopha ama-invoice, ezeseka ngelithi luyabambezela ukukhokhelwa kwabo.
"Babhedile ukwethula into bengakayihlolisisi babone ukuthi isebenza ngobuchwepheshe obufanele, ngaphambi kokuvala uhlelo oludala. Ngisho abasebenzi bangaphakathi abaqeqeshiwe ngokugcwele mayelana nalolu hlelo. Abaqale (uMasipala weTheku) bona bacije abasebenzi babo ngaphakathi esisebenzisana nabo. Baphinde bacije nathi njengosonkontileka. Okwamanje abakwenze kokubili kuhambisane, uhlelo oludala nolusha. Kuze kube silujwayela kahle lolu hlelo olusha," kubeka uMdladla.
Lesi sithangami silandela esenziwa uMasipala, lapho uXaba atshele khona abezindaba ukuthi uhlelo olusha lusebenza kahle. Wadalula ukuthi luzosiza ukuqhuba uhlelo lokukhokhelwa kwabansebenzi ngobuqotho. UMeya uvumile ukuthi okwamanje kunezinkinga mayelana nokungafakwa kahle kwama invoices.
UMdladla uphinde wakhala ngokuthi uMasipala awufuni ukuba nomhlangano nosonkontileka ukuze uzozwa izikhalo zabo mayelana nobunzima balolu hlelo olusha.