News Avenue
News / Izindaba

UMKHWANAZI UDONSE NGENDLEBE AMAPHOYISA

UMKHWANAZI UDONSE NGENDLEBE AMAPHOYISA
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN), uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, unikeze amaphoyisa imiyalo eqinile, ewakhumbuza ukuthi angabezomthetho abangachemile.

ESITHOMBENI: UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN), uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, eHoy Park, eThekwini
UMkhwanazi usho lokhu namhlanje eHoy Park, eThekwini, emcimbini wokuthunyelwa kwamaphoyisa nezinhlaka zezokuphepha ezizobe ziqaphe uKhetho loHulumeni baseKhaya lwango-2026.
Lawa maphoyisa azobe ehlonze izikhungo zokuvota ezingaphezulu kuka-4 300 esifundazweni, kuhlanganise nezikhungo ezibhekene nezinselelo ezinkulu zokuphepha eKZN.

"Kubalulekile ukuthatha izinyathelo ezinqala kunoma ubani oza nezikhali ezikhungweni zokuvota noma obeka ukhetho engcupheni," kusho uMkhwanazi.

UKhomishana ugcizelele ukuthi amaphoyisa kumele akhombise ukungahlanganyeli kwezepolitiki ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukhetho luhamba ngendlela efanele, ekhululekile nenobulungiswa.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

AKAKALILAHLE ITHEMBA NGOKUTHOLA IBHEYILI USIBIYA

Kuyacaca ukuthi sibi isimo ejele, iKgosi Mampuru kulowo obengusomaqhuzu embuthweni wamamaphoyisa, uShadrack Sibiya (59). Kuvela ukuthi uSibiya usalwela ukukhululwa ngebheyili. Imizamo yakhe yaphambilini ayiphumelelanga. USibiya uboshelwe...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUBOSHWE ABEBEZENZA IZIKHULU ZAKWA IEC

Amaphoyisa aseNgcobo esifundazweni i-Eastern Cape(EC) abophe abasolwa ababili besifazane, abaneminyaka engu-57 no-61 ubudala, namhlanje. Abasolwa babhekene nezinsolo zokuzenza izikhulu zeKhomishana yezokhetho (IEC) ngenhloso yokuthatha i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
News / Izindaba

KUDUTSHULWE KWABULAWA OWE-MK PARTY KWAZULU-NATAL

Kugubuzele ifu elimnyama kwi-MK Party esifundazweni iKwaZulu-Natal(KZN), emva kokudutshulwa kubulawa uMnuz Lastborn Shazi, obengumgqugquzeli waleli qembu kwiSifunda i-Ugu. Kuvela ukuthi uShazi uhlaselwe abantu abahlomile ekhaya lakhe eli...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo