KUDUTSHULWE KWABULAWA OWE-MK PARTY KWAZULU-NATAL
Kugubuzele ifu elimnyama kwi-MK Party esifundazweni iKwaZulu-Natal(KZN), emva kokudutshulwa kubulawa uMnuz Lastborn Shazi, obengumgqugquzeli waleli qembu kwiSifunda i-Ugu. Kuvela ukuthi uShazi uhlaselwe abantu abahlomile ekhaya lakhe eliseMthwalume, eningizimu yeKZN izolo ebusuku, abafike bavulela ngenhlamvu bambulala.
Okhulumela i-MK Party eKZN uMnuz Mkhuseli Mlengane, ukuqinisekisile ukudlula emhlabeni kukaShazi, wase edlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi.
"Okwamanje ayikho imininingwane esinayo ngembangela yokudutshulwa kukaShazi. Siyazi ukuthi KwaZulu-Natal luyenzeka udlame lwezombusazwe, kodwa sizodedela amaphoyisa enze umsebenzi wawo wokuphenya," kusho uMlengane.
Lesi sigameko senzeke ngobusuku bangaphambi kosuku lokhetho lohulumeni basekhaya.