KUBOSHWE ABEBEZENZA IZIKHULU ZAKWA IEC
Kuvela ukuthi laba basolwa basenge ezimithiyo esiteshini samaphoyisa saseNgcobo ngesikhathi befika bethi bafuna izinsiza zokusebenza zokuvota, bethi bathunywe isikhulu esiphethe ukhetho.
Nokho, ubanjiwe umkhonyovu wabo(abasolwa) ngesikhathi isikhulu sangempela se-IEC sifika kuleyo ndawo, saphika ukuthi sithumele laba besifazane. Amaphoyisa athathe isinyathelo ngokushesha abopha laba basolwa, kanti yonke impahla yokuvota ibuyiselwe endaweni yayo ephephile.
Isikhulu se-IEC kulesi sifundazwe, uKhayakazi Magudumana, uqinisekisile ukuthi omunye walaba besifazane ababoshiwe ungomunye wabantu ababemele iqembu lezepolitiki kulolu khetho.
Kuvulwe icala ngaphansi kwesigaba 68(d) soMthetho wezoKhetho.
UKhomishana wamaPhoyisa e-EC, uLieutenant General Vuyisile Ncata, usigxekile lesi sigameko, wagcizelela ukuthi umthetho uzothatha indawo yawo.
"Ngeke sizivumela izigameko ezinjena ezihlose ukuphazamisa intando yeningi. Abasolwa ababili baboshiwe kanti bazobhekana nengalo eqinile yomthetho," kusho uNcata. Abasolwa bavalelwe esitokisini kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduzane.