News Avenue
News / Izindaba

ABABONWA ABAZOKWESEKA UMAKHANYA NJENGOBA EZOBINGELELA NAMHLANJE

ABABONWA ABAZOKWESEKA UMAKHANYA NJENGOBA EZOBINGELELA NAMHLANJE
Ababonwa nangokhalo abazokweseka uMax Makhanya, eNkantolo yaseThekwini.

UMakhanya ubesezakhele olukhulu udumo ngokukhuluma akhombise ukungasabi muntu kanti uma kunokuphambana naye, ubekujikijela ngenhlamba, uboshwe ngempelasonto esiphuma kuyona.

Njengoba eyobingelela inkantolo bekulindeleke ukuthi abamesekayo baphume ngobuningi kodwa kubukeka sengathi bavele bazithela ngabandayo.

Ngesikhathi iNews Avenue ifika enkantolo, beyingakoqinisekiswa inkantolo okumele avele kuyona.

Isizathu sokuboshwa kukaMakhanya besingakokwaziwa ngaphandle kokusola nje ukuthi uke wathuka uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. 

UMakhanya uboshwe ehambele umcimbi weqembu leMK, ePrincess Magogo Stadium, kusolakala ukuthi useyilungu layo iMK. Uke wakhwela wadilika kulowo osanda kususwa esikhundleni sikaNobhala Jikelele uSbonelo Nomvalo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

AKAKALILAHLE ITHEMBA NGOKUTHOLA IBHEYILI USIBIYA

Kuyacaca ukuthi sibi isimo ejele, iKgosi Mampuru kulowo obengusomaqhuzu embuthweni wamamaphoyisa, uShadrack Sibiya (59). Kuvela ukuthi uSibiya usalwela ukukhululwa ngebheyili. Imizamo yakhe yaphambilini ayiphumelelanga. USibiya uboshelwe...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUBOSHWE ABEBEZENZA IZIKHULU ZAKWA IEC

Amaphoyisa aseNgcobo esifundazweni i-Eastern Cape(EC) abophe abasolwa ababili besifazane, abaneminyaka engu-57 no-61 ubudala, namhlanje. Abasolwa babhekene nezinsolo zokuzenza izikhulu zeKhomishana yezokhetho (IEC) ngenhloso yokuthatha i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
News / Izindaba

UMKHWANAZI UDONSE NGENDLEBE AMAPHOYISA

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN), uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, unikeze amaphoyisa imiyalo eqinile, ewakhumbuza ukuthi angabezomthetho abangachemile. [ESITHOMBENI: UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN), uLieutena...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo