News Avenue
Sports / Ezemidlalo

USALENG UGUNYAZIWE UKUBUYELA EQENJINI LOKUQALA LAMASANDAWANA

USALENG UGUNYAZIWE UKUBUYELA EQENJINI LOKUQALA LAMASANDAWANA
Umdlali weMamelodi Sundowns FC uMonnapule Saleng, usebuyele ekuziqeqesheni ngokugcwele neqembu elikhulu ngemuva kokuqondiswa izigwegwe.

Umqeqeshi waMasandawana uMiguel Cardoso uqinisekisile ukuthi uSaleng ubephumile eqenjini lokuqala ngenxa yokwephula imithetho yasemagumbini okushintshela nezindlela zokuziphatha ezilindelwe eqenjini. Ukubuya kukaSaleng kuza ngesikhathi esibucayi, lapho iSundowns ilungiselela ukubhekana neqembu lakhe(uSaleng) lakudala, i-Orlando Pirates FC, emdlalweni wamanqamu we-MTN8 ozodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngehora lesi-18h00.

Selokhu afika eChloorkop uSaleng, ubelokhu ekhahlamezeka ngokulimala okulandelanayo, okwenze kwaba nzima ukuthi athole ifomu nomgqigqo ogcwele wokudlala.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

OBEQEQESHA ETANZANIA UCHAZA NGESINQUMO SAKHE

Umqeqeshi wakuleli odumile uManqoba Mngqithi, uphumele obala ngesinqumo esishubile sokunqanyulwa kwesivumelwano sakhe neqembu laseTanzania, iYoung Africans (Yanga SC). Ekhuluma engxoxweni ekhethekile neMetro FM ohlelweni iSports Night Am...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

IDOWNS, CHIEFS NE PIRATES BAYOMELA UMZANSI

Amaqembu amakhulu ebhola likabhutshuzwayo kuleli okuyiMamelodi Sundowns FC, i-Orlando Pirates FC, neKaizer Chiefs azobe ebhekene nemidlalo emqoka namhlanje, lapho ezobe elwela khona ukungena esigabeni samaqoqo emicintiswaneni ehlukene ye...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo