IDOWNS, CHIEFS NE PIRATES BAYOMELA UMZANSI
I-Chiefs ibhekene nomqansa kakhulu lapho izosingatha khona i-Red Arrows yaseZambia eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-18:00. Amakhosi kumele anyakaze ngamandla amakhulu njengoba ehlulwe ngo 1-0 emlenzeni wokuqala obuseNdola. Ukuhluleka ukungena esigabeni samaqoqo kwi-CAF Confederation Cup kungaba yisiphithiphithi nomshophi omkhulu kuleli qembu elizama ukubuyisa isithunzi salo.
Kolunye uhlangothi, iSundowns izobe isekhaya eLoftus Versfeld ePitoli ngo-20:00 ibhekene ne-Wiliete SC yase-Angola kwi-CAF Champions League. Umqeqeshi weMasandawana uyazi ukuthi nakuba badlala ngokulingana ngo 0-0 emlenzeni wokuqala e-Angola, ukudlala ngokulingana okunamagoli ekhaya namhlanje kungabachitha ngaphandle kulo mncintiswano ngenxa yomthetho wamagoli ekuhambeni. Ngakho-ke, badinga(iSundowns) ukunqoba ukuze badlulele phambili.
Kuyilapho iPirates yona isesimweni esingconywana kancane lapho izosingatha i-African Stars yaseNamibia e-Orlando Stadium eSoweto ngo-20:00. EzikaMagebhula zihamba phambili ngegoli elingu-1-0 elashawa nguTshepang Moremi emlenzeni wokuqala ekuhambeni. I-Pirates idinga nje ukungahlulwa kulo mdlalo (ukuwina noma ukulingana) ukuze iqinisekise indawo yayo esigabeni samaqoqo.