ZIZOTHOKOZISA IZINDABA ZEPAYIPI LAMANZI EMPHAKATHINI WASENINGIZIMU NETHEKU


KULINDELEKE ukuthi adedelwe ngo-April 2026 amanzi, epayipini elikhulu iSouthern Aqueduct.

Lokhu kuvezwe umphathi weProjethi osebenza kuMnyango wezaManzi kuMasipala weTheku, uMnuz Siduduzo Mtshali, namuhla ngesikhathi kunohambo lokuvakashela iSouthern Aqueduct eMosley Park, eThekwini.

Ekhuluma uMtshali uveze ukuthi leli payipi lizodlulisela amanzi ezindaweni zokugcina amanzi ezingu 33. Wathi leli payipi lizosiza umphakathi waseFolweni, yMlaza, Shallcross, Klaarwater  nowaseNorthdene. 

"Lana senza umsebenzi wokushintsha ipayipi elikhulu likakhonkolo  ebelineminyaka engaphezulu kuka-50. Sifaka ipayipi eliyinsimbi nokhonkolo. Lo msebenzi uqale ngo April 2024. Njengamanje umsebenzi wonke uhlezi ku 60%, kuzothi ngo April 2026 siqale ukuwadedela amanzi ngoba sizobe siku 90%," kusho uMtshali.