ZIZOQINA EZOKUPHEPHA EMKHOSINI WOMHLANGA


LINDOKUHLE NGCOBO 

KULINDELEKE ukuthi ziqine ezokuphepha eMkhosini woMhlanga ozoba ngomhlaka 13 kuya ku-14 September esigodlweni eMashobeni, oPhongola.

Lo Mkhosi wokukhuthaza usiko lokuhlolwa kwezintombi kuzoba kungokokuqala ukuthi lusingathwe kulesi sigodlo esisha, ngemuva kweminyaka engu-40  ubanjelwa esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma kulandela ukuthi uvuselelwe iSilo uZwelithini kaBhekuzulu neNdlovukazi uMantfombi MaDlamini Zulu.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu neSilo uMisuzulu kaZwelithini uMntwana Thulani Zulu uveze ukuthi ayaqhubeka amalungiselelo okuhlela lo Mkhosi njengoba iNgonyama isimemezele ukuthi uza eSigodlweni esisha. 

Wathi zizoqiniswa ezokuphepha, ikakhulukazi kulabo abafuna ukusondela eduze kweSilo noma ukushutha iSilo.

"Omunye usuka nesipho esingathi shu, ethi uzopha iSilo kanti uma ubheka asikho lesi sipho ufuna nje ukushutha. Manje asiyidingi into enjalo iSilo siyinkosi yesizwe samaZulu, iNkosi hhayi nje eKZN, hhayi eNingizimu Afrika, hhayi e-Afrika kodwa umhlaba wonke uBukhosi bakwaZulu buyahlonishwa, siqhamuka le ko-UK(United  Kingdom) lapho iNgonyama efika ekhothanyelwe khona.

"Akungaqhamuki abantu bakwaZulu nabaseNdlunkulu benze izinto ezihlambalazayo nezenza sengathi abazange becabange, bacabange nje ukuthi bafuna ukuzibona eduze kweNgonyama bangabe besabheka ukuthi lokhu kugqama kuhambisana nani, akukho yini ukungahloniphi phakathi, ekubeni betshela abantu ukuthi uBukhosi bayabuhlonishwa," kuchaza uMntwana Thulani ekhasini likaFacebook laseNdlunkulu kaZulu.