ZIYAQONGA IZINKINGA KUNGQONGQOSHE UTOLASHE
ZIYAQONGA izinkinga kuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNksz Nokuzola Tolashe, ngenxa yezinsolo ezimbandakanya ukusetshenziswa kabi kwezimali zikahulumeni, nokuphathwa kabi kwabasebenzi.
Kuvela ukuthi owayesebenza njengonesi endlini kaTolashe eMonti, e-Eastern Cape uvulele uTolashe icala. Lo msebenzi ukhala ngokuthi waqashwa njengomsizi wezokudla eMnyangweni kodwa wagcina esebenza njengonesi wabazukulu bakaTolashe.
Kuvela ukuthi lo msebenzi wayalelwa ukuthi anikeze indodakazi kaTolashe uhhafu wemali yakhe(umsebenzi) yenyanga.
UTolashe uphinde abhekane nezinsolo zokuthi akazange athathe izimoto ezimbili zohlobo lweSUV ezinikelwe yiChinese Embassy eziyise kwi-ANC Women's League, kunalokho wazibhalisa egameni lezingane zakhe (Tolashe).
Kuke kwavela nemibiko kaWhatsApp, eveza ubudlelwane obuseduze phakathi kukaTolashe nomeluleki wakhe (Tolashe) okhethekile, uNgwako Kgatla, obhekene nezinsolo zokuthola imiholo emibili kahulumeni.
UTolashe uziphikile lezi zinsolo, wathi akukho lapho ezokwehla khona esikhundleni ngaphandle uma ecelwa nguMengameli Cyril Ramaphosa. Lo Ngqongqoshe uchaze lezi zinsolo njengomkhankaso wokungcolisa igama lakhe.