ZIYAQHUBEKA NOKUMLANDELA IZINKINGA
ZILOKHU zimlandele njalo izinkinga usomabhizinisi wakuleli uShauwn "MaMkhize" Mkhize, onguMengameli weqembu, iMbabane Highlanders AM, yaseSwatini.
UMaMkhize uyalelwe ukuba ahlawule imali engu E50 000, okungu R50 000 ngokwemali yakuleli.
Lokhu kulandela ukuthi iqembu lakhe litholakale linamacala amathathu esigcawuni sekomiti eliqondisa izigwegwe, eSigwaca House.
Kuwo kubalwa elokuhlasela enkundleni, ukushaya unompempe nokulahla izinto enkundleni, okwaholela ekutheni kumiswe umdlalo ngesikhathi libhekene neNsingizini Hotspurs kwi-Ingwenyama Cup last 16, eMavuso Sports Centre, ngenyanga edlule.
I-Eswatini Football Association Disciplinary Committee iholwa uSihlalo Thulani Sibandze, iyalele uMaMkhize ukuba akhokhe imali engu E25 000 wokuduba umdlalo, E50 000 wokuhlasela unompempe nemali engu 3 000 yokuhluleka ukulawula abalandeli.
Nokho iqembu liphuleliwe inhlawulo, okusho ukuthi kumele likhokhe imali engu E50 000.
UMaMkhize ushiye ibhola laseNingizimu Afrika ngemuva kokuxoshwa kwe Royal Am kwiPSL ngonyaka odlule (2025), ngenxa yesikweletu sentela(SARS) esingaphezu kuka R37 million. Lo somabhizinisi wakuleli ukhethe ukujoyina ibhola laseSwatini ngoba ethi ufuna ukuthula empilweni yakhe, njengoba nakhona esevukelwa izinkinga.