ZIYAQHUBEKA IZINKINGA ZOMASIPALA
LINDOKUHLE NGCOBO
Ziyaqhubeka izinkinga kuMasipala waseMpendle, njengoba lo Mkhandlu uvakashelwe ikomiti lasePhalamende lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu namhlanje. Leli komiti lizohlola ukusebenza kwalo Masipala ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinsiza zomphakathi aziphazamiseki ngokuphelele.
Lo Mkhandlu ubhekene nenkinga yokuphathwa kwezimali, ukungakhokhelwa kwabasebenzi nokubanjwa kwesabelomali okwenziwe umgcinamafa kazwelonke, ngenxa yokungaphathwa kahle kwezimali nokwehluleka ukulandela imigomo.
Izinkinga ziphoqe ukuba abasebenzi ababalelwa ku-200 bangaholi izinyanga ezimbalwa, okudale ukuthi inyunyana iSAMWU isabise ngokuthi isimo sizoba sibi kakhulu kwalesi sinqumo sikaMgcinimafa.
Kuvela ukuthi ngenxa yokwentuleka kobuholi obuqotho nezinkinga zezimali, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ungenelele ngokubeka uMasipala ngaphansi kokuphathwa kwabaqondisi abangochwephe (section 139)1 (b).