ZIYANDA IZIGAMEKO ZOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE
ZILOKHU zikhula izibalo zezigameko zodlame lobulili nokuhlukunyezwa kwezingane esifundazweni iKwaZulu-Natal(KZN).
Lokhu kuvela namuhla, ngesikhathi kuqhubeka imashi engumkhuleko wokulwa nesihlava sokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane nokukhulekela amaholidi okuphela konyaka.
Le mashi engumkhankaso wezinsuku ezingu-365, ibiholwa uNdunankulu waseKZN ngokuhlanganyela nabaholi bamabandla, Abahlali baseMjondolo, ubuholi boMdabu, imboni yamatekisi, abezinhlangano zomphakathi ezizimele nezikhamizi zaseKZN ngaphansi kwesiqubulu esithi "Silwa neChilo". Imashi isuke eKing Dinuzulu Park, yaphetha eCity Hall, eThekwini.
Ekhuluma uNtuli uthe amaphoyisa aseKZN enza umsebenzi omuhle ukwehlisa ubugebengu. Wathi okubi ukuthi izibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ziyanqaba ukwehla.
"Ikakhulukazi lapha eThekwini, iyona ndawo ehamba phambili ngodlame lobulili ingakho silapha namuhla. Kulandele Ugu, Ilembe noMgungundlovu. Sithi amadoda awasukume ethi hhayi egameni lethu," kubeka uNtuli.
Uphinde wakhuza abesifazane ukuba bayeke ukusula amacala noma ukwamukela inhlawulo emacaleni okuhlunyezwa.