ZITHUSE ABANINGI EZOKUSHIYA KUKA VUMAR KWI GAGASI FM
SIZO BLOSE
Abalaleli bomsakazo iGagasi bayazibuza bayaziphendula ukuthi, engabe kube yini ebangele lomsakazi osemnkantshubovu ukuthi ashiye kulo msakazo.
Omunye wabalaleli obengumlandeli wezinhlelo zakhe, uSbu Ntuli waseNanda usole ukuthi uVumar ushiye ngoba esemdala, kwazise ngokwabalaleli beGagasi FM akasekho khaxa.
USindi Dlamini kungenzeka ukuthi uDJ Vumar ubesegxile kakhulu okholweni, uhlelo lwasebusuku belumenza athi ukuphambana nezimiso zakhe.
UThabani nkabinde uthe uDJ Vumar ubesephila ngokugula abuye angabi khona ezinhlelweni zakhe. "Kungenzeka ukuthi iGagasi FM naye uVumar babe nesivumelwano sokuhlukana ngokuthula."
UVumar ubengena ngo 4-6 kwiSunr8se Sessions aphinde enze uhlelo lobumnandi ngo iDance Cabin ngoMgqibelo ngo 10 kuya ku 01 ekuseni ngeSonto.
Esinye sezikhulu eziphezulu kwiGagasi FM u-Alex Mthiyane uthe uVumar ubewumuntu ongamnika noma iluphi uhlelo, akwenzenzele into yamehlo.
UVumar uzibongele kakhulu kwiGagasi FM ngokumkhulisa. "Ngifike ngimncane kwi Gagasi FM, ngakhulela kulona, ngilibonga kakhulu ithuba,"kusho uVumar ngamafuphi.