ZITHOLAKELE IZIDUMBU ZABANGENE EDAMINI LEZINGWENYA
LINDOKUHLE NGCOBO
Amaphoyisa athole izidumbu ezimbili edamini i-Crocodile eNelspruit, esifundazweni iMpumalanga izolo. Abashonile ngowesilisa oneminyaka engu-20 ubudala nowesifazane olinganiselwa eminyakeni ephakathi kuka-18 no-23 ubudala.
Ngesikhathi amaphoyisa esalungiselela ukusuka kulo mfula, kufike omunye umndeni wabika ukuthi indodana yawo ayikabuyi ekhaya selokhu ihambe ngemoto. Lokhu kwenze ithimba lokusesha laqhubeka nokucinga emfuleni, kusolakala ukuthi kungase kube khona isisulu sesithathu.
Kuvulwe icala lokubulala umuntu ngokungenhloso.
"Uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni nokuthi ngabe lezi zigameko ziyahlobana yini. Sicela umphakathi onolwazi olungasiza ukuba uxhumane nesiteshi esiseduze," ngokusho kwesitatimendi samaPhoyisa.