ZIQALILE IZITHANGAMI ZOKUQEQESHA OMAMA ABAHLOLA IZINTOMBI
STHEMBISO SHANGASE
UMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali usuqalile ukusingatha izithangami zokuqeqesha omama abahlola izintombi, ngendlela yokuziphatha kwabo kuqala ngaphambi kokuthi kufundiswe izintombi ngendlela eyamukelekile yokuziphatha.
Kulelisonto uMnyango ngokubambisana nomasipala weTheku, babize omama bezintombi abahlala ngaphansi kwalo mkhandlu ukuzobacebisa ngamasu okuba ngomama abaqotho njengoba sekulungiselelwa ukuya emkhosini womhlanga.
Indlovukazi yakwaLinduzulu uMaNdlovu, ukhuze umkhuba wokuletha izintombi ezisencane kulomkhosi wathi lokho kungukwephula umthetho.
Omele umkhandlu weThweku uKhansela Zama Sokhabase ube sekhipha iqhina esakeni, washo ukuthi iTheku selihlangene noMnyango bazokhipha amabhasi angu 38 kuphela kulonyaka. Lokhu kuyisibalo esehlisiwe kwesangeminyaka edlule lapho iTheku belike likhiphe amabhasi angu 60.
UMama uSokhabase ube esecela oMama bezintombi ukuthi bazihlele ukuze bakwazi ukwabelana ngezithuthi ezimbalwa.
Esithombeni esingenhla uZama Sokhabase