ZIPHEZULU IZIBALO ZOKUHLUKUMEZA


ZIPHEZULU izibalo zezigameko zodlame lobulili nokuhlukunyezwa kwezingane eThekwini, eMgungundlovu, Ugu naseKing Cetshwayo. 

Lokhu kuvele namuhla esithangamini sabezindaba ebesibizwe ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, eThe Marine Buildings, eThekwini.

Njengoba kusasa  kuqala umkhankaso wezinsuku ezingu-16 wokulwa nesihlava sokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane.


Kulesi singathamini kuphinde kwavela ukuthi sikhuphukile isibalo sabantu abafika ezikhungweni zokuthola usizo ezifana noSizakala Centre. Njengoba kuvela ukuthi bangu-2 013 abantu abafike kulezi zikhungo kanti iningi labo izingane. 

Ekhuluma uNtuli unxuse imindeni ukuba ibambisane ukuvikela izingane, abantu abadala nabantu besifazane.

"Singabika ukuthi sesikwazile ukufinyelela emphakathini engu-39 000 sakhuluma nayo ngokulwisana nalesi sihlava. Kwathi abafundi abangu-62 859 nabo kwaxoxiswana nabo ukuthi kungenziwa njani ukuze baphephe. Kwathi amadoda angu-5 000 abeyingxeye yengxoxo, yokuthi amadoda engenza njani ukukhombisa ubudoda ngendlela engacekeli phansi noma engahlukumezi," kuchaza uNtuli.

Iphini likaKhomishana wophiko lokutholwa kobugebengu eKZN uMajor General Anthony Gopaul uveze ukuthi isikhathi esiningi izigameko zodlame zenziwa abantu abasuke besebenzisa izidakamizwa noma utshwala.

"Lokhu sikuthole ngesikhathi sinemihlangano nomphakathi mayelana nezigameko zodlame bobulili. Sibambe imihlangano engu-41 yokukhuza udlame ezindaweni ezahukene," kubeka uGopaul.