ZIBUKEKA ZENZA UMSEBENZI OMUHLE IZINHLANGANO EZILWISANA NABAFIKE NGOKUNGEMTHETHO KULELI
UJabulani Moyo wenze izinhlangano ezilwisana nabantu bangaphandle abafike ngokungemthetho kuleli zabonakala zenza umsebenzi omuhle.
Ziyanda lezi zinhlangano ezilwisana nabokufika kuleli, ikakhulukazi abafike ngokungekho emthethweni. Kukhona iMarch and March no-Operation Dudula nezinye.
Udaba lukaMoyo waseZimbabwe okade ehanjiswe enkantolo, wathi esebuyiselwa esitokisini wabulala amaphoyisa amabili elekelelwa abangani bakhe kushiye uMzansi ungawuvali umlomo.
Baningi futhi asebephumele obala baseka lezi zinhlangano ngenxa yezehlakalo zalolu hlobo.
Amaphoyisa asephume umkhankaso wokufuna lesi sigilamkhuba. Asenxuse nanoba ubani obona lomgulukudu ukuthi awazise ngoba amfuna phansi naphezulu.