UZUNGULA UPHOXWE ISINQUMO SENKANTOLO ENKULU


LINDOKUHLE NGCOBO 

UMholi we-African Transformation Movement (ATM), uMnuz Vuyolwethu Zungula, uthi uphoxekile ngesinqumo senkantolo eNkulu yaseWestern Cape, asichaze njengokuvinjwa kwelungelo lomphakathi lokwazi iqiniso mayelana nezinsolo ezithinta uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa nepulazi lakhe iPhala Phala.

Esithangamini sabezindaba se-ATM esibanjelwe eThekwini, namhlanje uZungula ugcizelele ukuthi iPhalamende akuyona indawo yabantu bezombusazwe kuphela, kodwa liyiziko elimele izwi labantu.

"Umuntu uma evota, akavoteli ukudlala, uvotela ukuba amelwe ePhalamende ngumuntu amvotele. Thina sikholelwa ekutheni inkantolo imoshe umthetho weSahluko 59 soMthethosisekelo. Umthetho obanjezelwayo uyafana nomthetho ovinjiwe ngoba uRamaphosa akakaphenduli ngemali eyatholakala ePhala Phala," kusho uZungula.

Lawa mazwi alandela isinqumo senkantolo esivuna uRamaphosa ukuba kumiswe okwesikhashana inqubo yokuphenywa kwakhe(uRamaphosa), ikomiti lePhalamende elisungulwe ngenxa yesinqumo seNkantolo yomthethosisekelo ngoMay.

Udaba lwePhala Phala, olwaqala ngemuva kokwebiwa kwemali enkulu epulazini likaMengameli ngonyaka ka-2020 kodwa lwadalulwa emphakathini ngonyaka ka-2022, lusaqhubeka nokuvusa imvunge kwezombusazwe. Nakuba uRamaphosa aphikelela ngokuthi le mali yayivela kumthengi wase-United Arab Emirates owathenga izinkomo zohlobo lwe-Ankola, amaqembu aphikisayo afana ne-ATM athi lolu phenyo akumele lumiswe.