UZUMA UMILE KWELOKUTHI ULILUNGU LE-ANC


Umengameli we-MKP uphinde wakhala ngokuthi leli qembu larojwa ngesikhathi kunokhetho lukazwelonke zingu 29 kuMeyi wonyaka owedlule..

UZuma ubekhuluma eMahlabathini, eVerulam lapho kukade kukhona ingoma ebeyihlelwe inyanga edumile ephinde ibe ngumlandeli omkhulu weMKP, uDr Khehlelezi.

UZuma uthe yena useyilungu le-ANC futhi okubalulekile kuyena ukuthi abantu abamnyama abavotele amaqembu abantu abamnyama ukuze kubuye izwe.

Lomcimbi bewuhanjelwe nawu Duduzile Zuma obhekene nezinkinga ezihambisana nokuvulelwa icala lokushushumbisa abantu ngudadewabo.

Lokhu sekuholele ekutheni asule ekumeleni leli qembu ephalamende.