UZUMA UHLANGANISA IMINYAKA ENGU 84


NAMUHLA usuku lokuzalwa komholi weqembu iMK Party uMnuz Jacob Zuma ohlanganisa iminyaka engu 84. UZuma wazelelwa eNkandla enyakatho nesifundazwe iKwaZulu-Natal(KZN) ngomhlaka 12 April 1942, unguMengameli wesine yentando yeningi eNingizimu Afrika.

UZuma unomlando omude kwipolitiki yakuleli, ujoyine i-ANC ngonyaka ka-1959, waba ngomunye wabasunguli  bophiko lezempi uMkhonto weSizwe ngonyaka ka-1962. Ngonyaka ka 1963 uZuma waboshwa eduze naseZeerust  esebenza kwimikhankaso yokulwa nobandlululo, wagwentshwa iminyaka eyishumi ejele laseRobben Island. Ngemuva kokukhululwa wasiza ekwakheni izinhlaka zangaphansi kwe-ANC.

 Ngonyaka ka-1975 uZuma wabaleka kuleli, wachitha  iminyaka engaphezulu kweyishumi esebenza emazweni angomakhelwane  njengeSwatini naseMozambique, waba yilungu  leKomiti  elilawulayo likazwelonke le-ANC (NEC) ngonyaka ka-1977.  Ngonyaka ka 1991, uZuma waba iPhini likaNobhala Jikelele we-ANC, wakhuphuka wabanguSihlalo kazwelonke ngonyaka ka-1994. Kuthe ngonyaka ka-1997 uZuma waqokwa njengePhini likaMengameli we-ANC. 

Ngonyaka ka-997, uZuma waba yiPhini likaMengameli waseNingizimu Afrika ngaphansi kukaMengameli uMnuz Thabo Mbeki. UMbeki wamxosha uZuma kulesi sikhundla ngonyaka ka 2005, ngemuva kokuba umeluleki wakhe(uZuma) wezezimali, uSchabir Shail egwetshwe ngenkohlakalo. 

Ngaphandle kwezinselelo zezomthetho uZuma wahlula uMbeki  engqungqutheleni ye-ANC kazwelonke ePolokwane  ngonyaka ka 2007, waba nguMengameli we-ANC. Ngonyaka ka-2009, wakhethwa njengoMengameli waseNingizimu Afrika. UZuma ubenguMengameli wakuleli iminyaka engu-9, washiya esikhundleni ngonyaka ka-2018 ngaphansi kwengcindezi  ye-ANC. Ngonyaka ka-2023, uZuma umemezele ukuthi usekele iqembu elisha iMK Party, wabanguMengameli walo.