UZUMA UBHOBOKE NGOTHANDO LUKA NKOSIKAZI WAKHE


Umholi weMKP ubhoboke ngothando analo ngonkosikazi wakhe uSizakele Getrude MaKhumalo Zuma.

 Ekhuluma emcimbini wokugubha usuku lwabesifazane eMkhukhuze, eNdwedwe, uZuma uthe kwayena sammangaza kakhulu isenzo kumbe uthando alukhonjiswa uMaKhumalo.

"UMaKhumalo ubenami ngingena ejele ngigwetshwa iminyaka elishumi, ngibhadla ngize ngibuye, akazange angishiye, ngimthole engilindile ekhaya.

 Engikuthanda kakhulu ngaye kube ukwakha ikhaya nothando ebenginika lona," kuchaza uZuma.

Uphinde waveza ukuthi ube nayo ingane noMaKhumalo kodwa yadlula emhlabeni. 
Iningi labantu licabanga ukuthi akakaze abe nengane, kodwa lokho akulona iqiniso. 

Ubekhuluma lolu daba eluyamanisa nokukwazi ukubekezela kwabantu besifazane, athe kungathenjelwa kubona.

"Abantu besifazane banamandla ngendlela eyisimanga, kumele kube yibona futhi abalekelelayo ukuthi abantu besilisa benze izinto ezikahle," kusho uZuma.

UMaKhumalo uhlale noZuma engena ephuma amanye amakhosikazi kodwa yena wama.
Kumakhosikazi Kazuma kungabalwa, uMadiba Zuma, uMaNtuli, uMangema, noLaChonco.
Iningi labo alisekho kodwa uMaKhumalo usekhona kanti futhi uyena omdala nowafika kuqala kunabo bonke. Lomcimbi bewuhlelwe uDumsani Goba wodumo lwamaSatma kanti kade uhanjelwe nayinkosi yamaqadi uMqoqi.