UZOVELA KUSASA ENKANTOLO OTHOLAKALE NEZIBHAMU
KULINDELEKE ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseVryheid kusasa mhlaka 16 March 2026, umsolwa oneminyaka engu 55 ubudala.
Lo msolwa uboshelwe icala lokutholakala nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni endaweni yaseBhekuzulu, eVryheid ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza udalule ukuthi umsolwa uhlulekile ukukhipha izincwadi zokuphatha izibhamu. Uthi ngesikhathi abakwasidlodlo beqhuba umsebenzi, bathole izinhlamvu ezingu 29, zesibhamu esikhulu nezingu 15, zesibhamu esincane.
"Amaphoyisa aqhubekile ebheka imoto ebihambe umsolwa, athola ukuthi inedisikhi yelayisensi iphelelwe isikhathi ngonyaka ka 2020, ibihamba ingazifakile izinombolo emuva nangaphambili," kuchaza uMagwaza.