UZOQHUMA PHEZULU UMASKANDI EZINHLELWENI ZE METRO FM


Umculo kaMaskandi usuzoqhuma phezulu kwiMetro FM. Lokhu kuzwakaliswe uNada Wotshela ophethe imisakazo eSabc, izolo eThekwini kwethulwa amaMetro FM Awards.

Uthe sekumgumlando ukuthi amaMetro FM azobanjelwa kulesi sifundazwe, edolobheni iTheku. Lomcimbi uke waba khona la eThekwini kodwa waphinde wahamba waya eMpumalanga, eMbombela njengoba sewubuyile nje.

Umphathi wedolobha iTheku uMusa Mbhele obebukeka ethokozile uthe, amaMetro FM azohlala iminyaka emithathu yonke eThekwini.

"Kuningi okuzozuzwa iTheku kulobu budlelwano esibuqalayo. Sizokhipha uR60 million, okusho ukuthi kuzoba uR20 million njalo ngonyaka, kodwa sizophuma namaBillion njengomkhandlu, nalapho okuzozuza kakhulu abantu bakuleli dolobha," kuchaza uMbhele.

Umphathi wamaciko ngaphansi kwenhlangano iCCIFSA uMntwana uThokozani "Tzozo" Zulu uthe bakuthokozela kakhulu ukuza kwamaMetro kuleli dolobha. 

"Sinethemba lokuthi amaciko azozuza okuningi ngamaMetro njengoba kuzomele anandise ezindaweni eziningi ngaphambi kosuku lomcimbi," kubeka uMntwana.
Le ndumezulu yomcimbi izobanjelwa eThekwini ngomhlaka 25 April 2026