UZOQHUBEKA NOKUSIZA IBAFANA BAFANA UBROOS


LINDOKUHLE NGCOBO 

I-SAFA inenselelo yokuthola umqeqeshi weBafana Bafana omusha osezingeni eliphezulu. Kulandela ukuthi uHugo Broos waseBelgium ememezele ukuthi uyashiya esikhundleni sokuba ngumqeqeshi weBafana.

UBroos ojoyine iBafana ngo-June 2021, uqinisekise ukushiya kwakhe eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika engxoxweni ekhethekile nenhlangano yezindaba yaseBelgium, iVoetbalnieuws. Lo mqeqeshi oneminyaka engu-74 ubudala ushiye iqembu lesizwe lisezingeni eliphezulu. Ngaphansi kukaBroos iBafana Ifinyelele emzuliswaneni wama-32 weNdebe yoMhlaba, okuyinto eyingqophamlando eqenjini lesizwe. Uthole(uBroos) indondo yethusi ku-AFCON 2023. Ubeke irekhodi lokuba ngumqeqeshi ohlale isikhathi eside kunabo bonke emlandweni weBafana, njengoba ehlale iminyaka emhlanu.

UBroos ukubeke kwacaca ukuthi akasafuni ukuqeqesha ngokugcwele empilweni yakhe.

"Ngisazokwazi ukusiza ibhola lakuleli ngokusebenzisa ulwazi lwami njengomeluleki noma umhloli wamathalente," kubeka uBroos