UZOPHINDE AVELE ENKANTOLO UNGIZWE MCHUNU
KULINDELEKE ukuthi owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu, avele eNkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli kusasa. Lokhu kulandela isinqumo senkantolo esamphuca (uMchunu) ilungelo lokuthi angaphinde asho noma ashicilele amagama athi umholi we-EFF uJulius Malema, uthola imali yezidakamizwa kwizigebengu zakwamanye amazwe.
Kubhekwe ukuthi uMchunu achazele inkantolo ukuthi kungani lolu uhlu lwemibandela lungamele lwenziwe unomphela. UMchunu udalule ukuthi ngeke abalekele ukwehlulela komthetho.
UMalema uthathele uMchunu lesi sinyathelo ngoba ethi izinkulumo zakhe zingcolia isithunzi sakhe (uMalema). Ngenyanga edlule uMchunu wezwakala ezinkundleni zokuxhumana nakumabonakude ekhuluma ngesibalo sezigidi zamarandi waze wasola uMalema ngokuthi udla imali yabokufika nezidakamizwa.
UMchunu waphinde wagxeka uMalema ngenxa yezinkulumo zakhe ezimele nokubandlululwa kwabantu bakwamanye amazwe. IJaji livumelana noMalema ukuthi lezi zinkulumo zikaMchunu zazingcolisa isithunzi futhi azikho emthethweni.
UMchunu uvinjelwe ngokuphelele ukuba aphinde asho lezi zitatimende kanti uyalelwe ukuba akhokhe zonke izindleko zommeli kaMalema.