UZOBHADLA EJELE OBULELE INTOMBI


UGWETSHWE iminyaka engu 18, ebhadla ejele owesilisa oneminyaka engu 46 ubudala, ngecala lokugwaza abulala owayeyintombi yakhe.

UMusawenkosi Lucky Menyuka ugwetshwe inkantolo yesiFunda uMtubatuba izolo. 

Kuvela ukuthi uMenyuka owayengumfundisi endaweni, ulahlwe ilacala lokubulala uThembelihle Nxumalo, owabulawa mhlaka 17 February 2020, eneminyaka engu 25 ubudala.

Isidumbu sikamufi satholakala endaweni yas'Oweni, sinamanxeba okugwazwa. Lokhu kwenzeka lungapheli usuku umufi, ebikwe njengomuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa eMtubatuba. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uColonel Robert Netshiunda uthi uphenyo labomthetho lwaholela ekutheni kuboshwe uManyuka, owayegcine ukubonakala nomufi. Udalule ukuthi ngonyaka ka 2020 inkantolo yanquma ukukhulula uMenyuka, ikhala ngokungafakwa ngokusemthethweni kwaleli cala. 

"Ngonyaka ka 2025, emva kweminyaka emine icala lidluliselwe ophikweni lwamacala okubulala nekubamba inkunzi, waphinde waboshwa uMenyuka ngo June 2025. Naphezu kokuthi umbuso uphikisane nesinqumo sokunikeza ummangalelwa ibheyili kodwa wadedelwa ngebheyili ka R10 000," kuchaza uNetshiunda. 

Eqhuba uthi ngomhlaka 1 December 2025, uMenyuka wahluleka ukulandela umyalelo wenkantolo,  kwabe sekuphuma incwadi egunyaza ukuthi aphinde aboshwe. UMenyuka ugwetshwe ngemuva kokuboshwa mhlaka 12 January 2026, uphinde watholakale nesibhamu esingekho emthethweni.FjF