UZIXABANISE NO TRUMP UTREVOR NOAH


Sizwe Blose 

UTyla uthi akakayikholwa namanje into eyenzeka empilweni . Lokhu ukusho ngesikhathi emukela iBest African Dance Award, ezintatha zanamhlanje

Njengokujwayelekile amaGrammy Awards kade ebanjelwe eLos Angels. 

UTyla ubonge uNkulunkulu nabo bonke abantu asondelene nabo.

Ngakolunye uhlangothi uTrevor Noah uzidonsele amanzi ngomsele ngesikhathi enza ihlaya ngoDonald Trump ongumengameli waseMelika nomculi odumile kulelli lizwe, uNicki Minaj obesemcimbini owodwa noTrump ogcine esethi ungumlandeli kaTrump wokuqala.

Ihlaya likaTrevor limcasulile uTrump, ugcine ngokuthi uzomthathela izinyathelo zomthetho.