UZIBULALELE PHAMBI KWENTOMBI OVELA KWI MADLANGA COMMISSION
Lindokuhle Ngcobo
INDIDA ngokuzibulala kukaWindre Pretorius, igama lakhe elavela njengempimpi yamaphoyisa kwiKhomishana kaJaji Madlanga.
Kuvela ukuthi uPretorius uzidubule wazibulala izolo, egaraji eliseBrakpan, e-East Rand, esifundazweni iGauteng, phambi kwentombi yakhe uJuan-Mare Eksteen.
Lokhu kwenzeka nje, phakathi nesonto uPretorius uveze ukuthi kunabantu abazame ukumbulala, ngesikhathi bemdubula ngezinhlamvu ezingu 16.
Igama likaPretorius livele kwiKhomishana kaMadlanga ngesikhathi kufakaza uMarius Van der Merwe (Fakazi D) naye ongasekho emhlabeni, ngemuva kokudutshulwa abulawe phambi komuzi wakhe.
UMerwe watshela ikhomishana ukuthi, uPretorius wayekhona ngesikhathi kubalawa umuntu, isidumbu sakhe salahlwa edamini Ekurhuleni. Ngokusho kukaMerwe, uJulius Mkhwanazi ongumphathi wamaphoyisa woMkhandlu Ekurhuleni osamisiwe, nguyena(uMkhwanazi) owakhipha umyalelo wokuba kulahlwe isidumbu somuntu.
Sebebathathu ofakazi abashonile mayelana nalesi sigameko sokulahlwa kwesidumbu, njengoba uJaco Hanekom owakhipha ividiyo, adutshulwa wabulawa.