UYOZINIKELA EMAPHOYISENI UMHOLI WE MARCH AND MARCH


Sizwe Blose 

Uzozinikela emaphoyiseni namhlanje umholi weMarch and March, uJacinta Ngobese Zuma.
Ngokwesitatimende esikhishwe abeMarch ana March, sithi, amaphoyisa avulele icala lomholi.
Ubekwe icala lokugovuza umphakathi ukuthi ulwisane nabantu bokufika abangenazo izinvume zokuba kuleli lizwe.

Manje ekuseni kulindeleke ukuthi lomholi azinikele emaphoyiseni, ngoba uma engakwenzi lokho azogcina ngokuthi amlande wona amgaxe ozankosi.

Uma esezinikele emaphoyiseni uzokube esevela enkantolo.
Lenhlangano yomphakathi seyizakhele olukhulu udumo ngokulwisana nabokufika kuleli abangenazimvumo. Beyilokhu ihlela amamashi, iphinde ibavimbe uma beya ezibhedlela kanti  ngesonto eledlule kade ilwa nokubhaliswa kwezingane zabokufika kuqale abomnsinsi bengakazitholi izikhala..

Kulindeleke ukuthi abalandeli baJacinta Ngobese Zuma baphume ngobuningi ukuzomeseka.