UYAQHUBEKA NOKUGONYULUKA NGAKWAZIYO UMASEMOLA KWIKHOMISHANA
LINDOKUHLE NGCOBO
IYAQHUBEKA IKhomishana kaJaji Madlanga ephenya ngokulawulwa kwamaphoyisa nokugxabukela kosopolitiki emacaleni obugebengu abucayi.
Namuhla uKhomishana wamaphoyisa kuleli, uGeneral Fannie Masemola uyaqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe osukwini lwakhe lesibili
UMasemola utshele le khomishana ukuthi wayengaphansi kwengcindezi yokuthi ahlakaze uphiko lokubulawa kosopolitiki (Political Killing Task Team). Lo Khomishana uphinde wachitha izinsolo zokuthi lolu phiko belingasebenzi ngendlela efanele.
UMasemola ungufakazi wesibili kule Khomishana kaMadlanga ulandela uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Lolu usuku lwesibili lukaMasemola kanti olwesihlanu selokhu iqalile ikhomishana kaJudge Madlanga.