UYAQHUBEKA NOKUDEDELA AMABHOMU UKHUMALO
LINDOKUHLE NGCOBO
INHLOKO yoPhiko lwezobunhloli uLieutenant General Dumsani Khumalo, uyaqhubeka nokwethula ubufakazi kwiKhomishana kaJaji Madlanga.
Namuhla uKhumalo ugxile engxoxweni kaWhatsApp phakathi kukaVusi "CAT' Matlala noBrown Mogotsi, okwavela ukuthi usondelene noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu.
UKhumalo utshele iKhomishana ukuthi kwesinye isikhathi uMatlala uzibiza ngo" Dlamini ", nokukholakala ukuthi igama alisebenzisa kumazisi ongumgunyathi awenza eSwaziland.
Ebufakazini bukaKhumalo, kuphinde kwavela ukuthi ngoDecember 2024 uMogotsi watshela uMatlala ukuthi kumele kuhlakazwe uphiko oluphenya ngokubulawa kosopolitiki. Kulobu bufakazi bukaKhumalo, kuvela ukuthi uMatlala wabalisa ngokuthi kuzoba umsebenzi onzima ukuhlakaza lolu phiko. UMogotsi, watshela uMatlala ukuthi kudingeka umuntu onesibindi ukuze kuhlakazwe lolu phiko.
UKhumalo utshele lesi sigcawu ukuthi obunye ubufakazi ngeke akwazi ukukusho phambi kwamakhamera ngoba kungaphazamisa uphenyo olusaqhubeka.
Le Khomishana ephenya ngokulawulwa kwamaphoyisa nokugxabukela kosopolitiki emacaleni obugebengu abucayi, iyaqhubeka njengamanje ePitoli.