UYABOSHWA UNGIZWE MCHUNU
Sekuphume incwadi egunyaza ukuboshwa kukaNgizwe Mchunu. Kuzokhumbuleka ukuthi iNews Avenue isanda kubika ukuthi iChunu selixolisile kuMholi we EFF uJulius Malema ngezinkulumo zalo ebezinganambithisiseki abezibhekise kulo mholi nebezithunaza isithunzi sakhe.
Ezakamuva ezokuthi uMchunu kuzomele aziyise emaphoyiseni noma kuzomele amlande. Lokhu kungagcina kuphazamisa nezinhlelo anazo ngoJune 30 ezimayelana nokuthi abokufika abangenazimvume kumele bahambe.
UMchunu uboshelwa ukudelela umyalelo wenkantolo wokuthi angabe esasho lutho ngoMalema ikakhulu lokhu okumhlisa isithunzi. UMchunu ubelokhu ezwakale njalo ethi ngeke axolise kuMalema ngoba naye uyaziwa ngokudelela abantu abadala.
Konke sekusele emaphoyiseni ukuthi afezekise umyalelo wenkantolo.