UXOLISILE NGEMUVA KOKUKHULUMA BUDLABHA UPANYAZI
Lindokuhle Ngcobo
SEKUSUKE umsindo ngenkulumo kaNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi ethinta ukunqanyulwa kwamanzi, esifundazweni asiholayo.
Umphakathi usola uLesufi ngowokuchomela ngokuthi yena(uLesufi), ugeza ehhotela uma ephelelwe amanzi.
Lokhu sekuphoqe ukuthi namuhla uLesufi axolisi mayelana nenkulumo yakhe ethi, waya kogeza ehhotela ngesikhathi ephelelwe amanzi.
Esitatimendeni, uLesufi uthi uyabona ukuthi le nkulumo yakhe izwakala sengathi bona njengabaholi, ibaphatha ngendlela engcono inkinga yamanzi.
"Empeleni inkinga yamanzi ithinta wonke umuntu ongumhlali waseGauteng ngendlela efanayo. Ngidlulisa ukuxolisa ngenkulumo yami yayizolo, bengizama ukuveza ukuthi inkinga yamanzi ayikhethi abantu ngokwezikhundla zomsebenzi. Ukuthola amanzi kuyilungelo lawo wonke umuntu," kubeka uLesufi.