UWAFA WAFA KWI CAF CHAMPIONS NAMHLANJE
Sizwe Blose
UWafa wafa namhlanje emaqenjini akuleli asemncintiswaneni weCAF Champions.
IMamelodi Sundowns izobhekana neMC Alger yase Algeria, ePitoli eLoftus no 3 ntambama. Lomdlalo uzokube ubhekwe ngabovu njengoba iMC Alger iqeqeshwa uRulani Mokwena oke waqeqesha iSundowns.
Abanye bacabanga ukuthi uRulani uzokube etshengisa iSundowns ukuthi yenza elikhulu iphutha ngokumdedela.
Kanti abadlali veSundowns bazokube bevikela isithunzi sabo kubalandeli, okulindeleke ukuthi baphume ngobuningi babo. Bavele sebeshilo ukuthi bamhlonipha kakhulu uRulani ngomsebenzi omuhle awenza kwi Sundowns nanokuthi bamthanda kakhulu. Kodwa bakubeke kwacaca ukuthi imizwa yabo ngoRulani izosala ngaphandle kwenkundla ngoba kumele banqobe lomdlalo.
URulani uchithe njengento engekho indaba yokuthi kunabampotshozela isitayela esizosetshenziswa iSundowns, uthe ayikho leyonto.
Ngakolunye uhlangothi iKaizer Chiefs izobhekana neZamalek ngabo 6 ntambama.