'UWABEKE ETHALA AMAKHOKHO U-ANDILE MPISANE'


Umbiko ongaqinisekisiwe uveza ukuthi, obengumdlali nomphathi weRoyal AM, u- Andile Mpisane usewabeke ethala amakhokho. 

Lokhu kungumlando ukuthi, umdlali oneminyaka engu 24, ongalimele nongenamyalelo kadokotela ukuthi avele ashiye phansi ibhola elikhokhelwayo.

Kwenzeka konke lokhu nje, unina ka Andile, uShauwn Mkhize usanda kuthenga ikilabhu ebizwa ngeMbabane Highlanders FC kodwa eseyishintshwe igama eseyibizwa ngeMbabane Highlanders AM FC.
Lombiko uveza ukuthi u-Andile usezogxila kakhulu ekuphatheni lekilabhu yakhe entsha kunokudlala ibhola